IsiZuluMainSouth Africa

Uhulumeni Ubonga Abatakuli Ngegalelo Lokushesha Batakule Abebevalelekile Kuwa Inhlabathi Esakhiwenie Ballito

Ungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi usencome abezezinhlekelele ngokushesha baphuthume endaweni yesigameko bafike batakula abasebenzi ababili eBallito, ngenkathi bewelwa inhlabathi bebhizi besebenza, ngoLwesithathu (izolo).

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango uCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:”Kuwe inhlabathi ngenkathi abasebenzi ababili abaneminyaka elapho kwengu 30, begqitshwa isihlabathi.” Uthe esitatimendeni, ngezintuba zabo 11:30 kungene ucingo kuzicimamlilo zaKwaDukuza  (KwaDukuza Fire Services ), obelulusizi lubika ngenhlekelele yokugqitshwa kwabasbenzi yisihlabathi, base bephuthuma endaweni yesigameko.

Uqhube wathi esitatimendeni, ngenkathi befika abatakuli babe sebesebenzisana nabe IPSS Medical Rescue, futhi bakhonile ukuthi engakapheli amaminithi angu-60, babatakula ebebegqitshwe inhlabathi. “Bobabili abasebenzi abebegqitshwe isihlabathi , bathole umhuzukwana , base bendluliselwa esibhedlela saseThekwini,” kusho uMzila, eqhuba ethi, uButhelezi ubonge wanconcoza kwabezezenhlekelele abaphuthume endaweni yesigameko, bafike batakula abebegqitshwe sihlabathi..

Uthe esitatimendeni, lokhu kuyizinkomba ezithi abezimo zezezinhlekelele babeka izimpilo zezakhamiziu phambili futhi bayazivikela. Uqhube wathi esitatimendeni, uButhelezi uphinde wanxusa ukuthi kumele izisebenzi zihlale ziqaphile uma zisebenza, wabe esefisela lezi zisebenzi ukuba zilulame ngokushesha.Uphethe ngokuthi esitatimendeni, abezinkontileka kumele bakuqinisekise ukuthi ezokuphepha zimi ngomumo ngaphambi kokuqala umsebenzi.

SOURCED FROM IZWI NEWS

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *