South Africa

Uhulumeni Uletha Ezobuchwepheshe Ezikoleni,eKZN

Umnyango weZemfundo KwaZulu-Natal ubambisene neMotsepe Foundation, bayazigqenya ngokumemezela ukuthi bahambise ezobuchwepheshe (technology resources), ezikoleni zesiFundazwe saKwaZulu-Natal.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango KwaZulu-Natal , uMnuz Mlu Mtshali sithi:”Loku kubambisana kuyixhathu elihle eliya phambili ekuvaleni igebe phakathi kwabafunda ezikoleni ezisemakhaya kanye nezisedolobheni kwezokufunda ngobuchwepheshe besimanje manje.” Uthe esitatimendeni, uNgqongqoshe weZemfundo esiFundazweni saKwaZulu-Natal , uMnuz Sipho Hlomuka wethule loluhlelo waphinde wandlulisela ngezinsizakufunda okokuqala e-Sizathina Primary School, ngoLwesibili (izolo), mhlaka 21 ePhreli 2026, lapho endlulisele khona ngama laptops, amatablets kanye namanye amathulizi okufunda, ukuze kuthuthukusiwe ezokufunda nokufundisa futhi kuqinisekiswe ukuthi ziba yimpumelelo.

Uqhube wathi esitatimendeni, lokhu kuhambisana nombono osabalele (broader vision), wokufaka ezobuchwepheshe emakilasini kanye nokunikeza abafundi amakhono nokubacija ekusebenziseni nasekufundeni kusetshenziswa ezobuchwepheshe ukuze imfundo ibelula futhi ihambisane nesikhathi samanje njegoba siku-4th Industrial Revolution., lapho izinto eziningi zisebenza ngobuchwepheshe besimanje  emhlabeni jikelele.Uthe esitatimendeni, kubalulekile ukuthi abafundi bangasaleli ngemuva kwezobuchwepheshe noma ngabe bahlala emakhaya. “Ekhuluma emva kokunikezela ngezobuchwepheshe, uHlomuka ubonge kakhulu usizo nokwelekelelo abakuthola kwiMotsepe Foundation,” kusho uMtshali esitatimendeni.

Uthe esitatimendeni, lobu budlelwano  buyaqinisekisa ukuzibophezela ekuthuthukiseni izinga lokufunda nokufundisa phakathi kwabafundi nakumathishela. “Kubalulekile ukuthi abafundi bafunde besebenzisa ubuchwepheshe besimaje manje,” kusho uMtshali esitatimendeni. Uqhube wathi esitatimendeni, i-Motsepe Foundation ibambe iqhaza elikhulu ekusekeni ezemfundo kanye nokuthuthukiswa kwezakhamizi e-South Africa.

Ulande wathi esitatimendeni, izikole zaKwaZulu-Natal , zizothola ukusizakala ngokuthola amathuluzi okusebenzisa ezobuchwepheshe besimanje manje, ukuze kuphuculwe indlela yokufundisa. Uphethe ngokuthi esitatimendeni, sinxenxa zonke izinhlaka ezizimele osomabhizinisi ukuba batshale emfundweni yabantwana , ukuze intsha ibe nekusasa eliqhakazile, wabe esenxusa zonke izinhlaka ezinthintekayo okubalwa kuzo izakhamizi, amathishela kanye nabafundi ukuba bayivikele inqalasizinda abanikelelwe yona bangayilimazi futhi bangavumeli amasela ayintshontshe.

SOURCED FROM IZWI NEWS

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *