CrimeIsiZuluNEWS

Kuboshwe Umsolwa Kwelokuduna iloli, Ukuthumba,eDundee

Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-57 ngecala lokuduna iloli kanye nokuthumba umshayeli walo emgwaqeni uR68 Dundee-Nquthu Road, ngoLwesine ebusuku mhlaka 14 Meyi 2026.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal , uColonel Robert Netshiunda sithi:” Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-57 , eboshwa ngamaphoyisa ophiko i-Glencoe K9 Unit, esebenzisana nawabaseshi aseDundee kanye nagqoka umfaniswano, aphinde akhulula umshayeli weloli obethunjiwe.

Uthe esitatimendeni, lo msolwa kanye nabanye bebefunwa ngecala lokuduna iloli kanye nokuthumba umshayeli walo emgwaqeni uR68 Dundee-Nquthi, okwenzeka ngoLwesine ebusuku.

Uqhube wathi, umshayeli weloli wayehamba nomsizi wakhe ngenkathi abasolwa abebehamba ngemoto encane ebomvu, badubula bebhekise elolini , baphoqeleka ukuba balimise, kodwa umsizi kamshayeli wakhona ukuphulukundlela , base bethumba umshayeli weloli .

Uqhube wathi esitatimendeni, abasolwa bayishayela ibanga elingange khilomitha iloli baphinde bayishiya , base bethumba umshayeli. “Umnikazi weloli wafonela umshayeli , owamtshela ukuthi abasolwa bafuna imali engango-R100 000, ukuze bamkhulule.

Uthe esitatimendeni, amaphoyisa alandela umkhondo , akhona ukubopha  oyedwa umsolwa kodwa uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka ukuze kubanjwe laba abanye abasolwa abasagcwele amathafa, kanti lo msolwa oboshiwe  uzovela eNkantolo kaMantshi maduzane.

SOURCED FROM IZWI NEWS

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *