Zibe Yimpumelelo Ezemidlalo Ebezihlelelwe Ukulwisana Nobugebengu Entsheni, eKranskop
Zibe yimpumelelo ezemidlalo obekuhloswe ngazo ukuqwashisa kanye nokulwisana nobugebengu ebezibanjelwe ezinkundleni zemidlalo eKranskop Sports Field ngoLwesihlanu mhlaka 14 Agasti 2026. Kuvelile ukuthi kulolu hlelo bekubizwe abafundi kanye nezakhamizi ukuze baqwashiswe ngobugebengu kanye nobungozi obubhekene nentsha uma isiyenza izenzo zobugebengu.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela amaphoyisa kwisiFunda uMzinyathi uSergeant Siyabonga Nkwanyana sithi ” Amaphoyisa esiFunda uMzinyathi abehlele ezemidlalo ngenhloso yokuqwashisa ngobugebengu kanye nokulwisana nobugebengu ebezibanjelwe ezinkunndleni zemidlalo eKranskop.Uthe esitatimendeni, izihambeli zalomdlalo bezibalelwa ebantwini abangu-500 lokhu okuyizinkomba zokuthi zibe yimpumelelo.Uthe esitatimendeni, lezi zemidlalo bezihanjelwe ngabafundi bezikole ezingu-5 ,ababalelwa kwabangu-500.
Uqhube wathi esitatimendeni, uSergeant Mkhize nguyena obeqwashisa abafundi kanye nezakhamizi ngamacala obugebengu ahlukahlukene, egcizelela kakhulu ngalana okugxila ezidakamizweni, ububhoklolo, awokushaya kanye nawokuphathwa kwezikhali ezinobungozi. “Ngiyanicela bafundi ukuba nithathe izinqumo eziphusile futhi ningazimbandakanyi nezenzo zobugebengu,”kusho uMkhize esitatimendeni.
UMphathi siteshi waseKranskop uLiuetenant-Colonel M Ramkison, ubonge kakhulu abaxhasi kanye nezinye izinhlaka ezilwisana nobugebengu kanye neminye iminyango ebeyingxenye yalolu hlelo. Uphinde waluleka abafundi ngokuthi uma usungene ebugebengwini ugcina uba nezinkinga ezizokuhaqa isikhathi eside engabe uyazigwema, njengokuba nerekhodi le cala (criminal record), elizokuqedela ikusasa lakho engabe uyayigwema.
Uthe esitatimendeni, lezi zemidlalo bezisekwe iminyango kahulumeni eyahlukahlukene okubalwa kuyo i-Department of Education (DOE), ,Sokheni Secondary School, Sisekelo Secondary School, Gcothoyi Secondary School, Makhedama and Ophofini Secondary School,The Department of Social Development (DSD)

