Ngamalunga eNewcastle Municipality Interfaith
IsiZuluMainNEWS

I-Newcastle Municipality Religious Interfaith Iqinise Ubudlwelwano ne aMajuba EDTEA

Umhlangano osemthethweni wanyanga zonke we-Religious Leaders Parliament, obubanjwe mhla zingU-14 Agasti 2026, ube yimpumelelo njengoba i-Newcastle Municipality Religious Interfaith ihlangane ne-Amajuba District Economic Development, Tourism and Environmental Affairs (EDTEA), ngenhloso yokuqinisa ukusebenzisana nokudingida izinhlelo ezizoletha intuthuko yezomnotho kanye nokuthuthukiswa kwemiphakathi. “Lokhu kuhlangana kuhambisana nombono ogcizelelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, wokuthi abaholi bezenkolo banendima ebalulekile ekulweni nezinkinga zomphakathi nasekuletheni intuthuko,” kusho isitatimende.

Isitatimende siqhuba sithiL:”Izingxoxo zigxile ekusungulweni kwemifelandawonye (co-operatives), ekuthuthukisweni kwamabhizinisi, kwezamabhizinisi amancane, emathubeni ezomnotho kanye nasezinhlelweni ezingaqhutshwa ngokubambisana nomkhakha wezenkolo. UMfu Vusumuzi Kunene ugcizelele esitatimendeni, ukuthi uguquko lwezomnotho ludinga imibono eminingi emisha, amasu asebenzayo kanye nokubambisana okuqinile phakathi kukahulumeni, abaholi bezenkolo kanye nemiphakathi.

Uthe, umkhakha wezenkolo akumele ugcine ngokukhuluma ngezinkinga ezibhekene nomphakathi kuphela, kodwa kufanele futhi uze namasu nezixazululo eziqinile nezisimeme ezizoba nomthelela obonakalayo emphakathini waseNewcastle. UMfu Kunene uphinde waveza esitatimendeni,  ukuthi emhlanganweni olandelayo kuzoba khona isethulo esisemthethweni esizokwethulwa ku-EDTEA, esizobandakanya izinhlelo namaphrojekthi esikhathi eside kanye nezinhlelo zesikhathi esifushane ezihlongozwa ngumkhakha wezenkolo. “Njengoba ukungasebenzi kanye nobubha sekuphenduke ezinye zezinkinga ezinkulu ezibhekene nemiphakathi yethu, i-Religious Leaders Parliament izosebenza ekwakheni amasu azogqugquzela ukuvulwa kwamathuba emisebenzi, ukuthuthukiswa kwamabhizinisi, ukuthuthukiswa kwamakhono, ukulwa nobubha kanye nokwakha umnotho osimeme emphakathini,” kusho uKunene esitatimendeni.

“I-Newcastle Municipality Religious Interfaith izibophezele ekuqhubekiseni ubudlelwano obuhle nobuhlelekile ne-EDTEA kanye neminye iminyango kahulumeni, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umkhakha wezenkolo uba yingxenye ebonakalayo yoguquko lwezomnotho, ukuthuthukiswa kwemiphakathi kanye nokulwa nezinkinga zomphakathi eNewcastle,” kuphetha uKunene esitatimendeni.

SOURCED FROM IZWI NEWS

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *