Sekuphenduke Insakavukele Ukwebiwa Kwemfuyo, Ihlinzwe,eDannhauser
Inkonyane elifile elasala kuhlinzwa unina. Kwesinye iskhumba namanqina okwasalaIzithombe.MOTLOUNGSEKUYINSAKAVUKELA umchilo wesidwaba ukwebiwa kwemvuyo ezibayeni zabantu bese itholakala ihlinziwe ezigangeni,zaseDannhauser.
Esigamekweni esandulela lesi esenzeke eUtzicht Farm ,KwaFlebhu, eDannhauser eNyakatho neKwaZulu-Natal, omunye umfuyi wakwaMotloung, eCooper Farm khona eDannhauser, uthe uma efunda ngodaba lwakwaFlebhu naye , watshela abezindaba ukuthi wantshontshelwe izinkomo ezine kuyo le nyanga ephezulu ,zatholakala sezihlinziwe endaweni yase Blue Bank, ngaseMkhumbane,eNyanyadu. “Zahlinzwa kwasala izikhumba zazo, amanqina kanye nenkonyana lalena eyabe imithi , kuphela,” kulanda uMotloung, Uthe ngezwa ubuhlungu obukhulu uma ngithola izikhumba, amanqina kanye nenkonyane elabe selifile ngoba lalingakazalwa mhla kuntshontshwa izinkomo zami, zahlinzelwa ngasodongweni.
Uqhube wathi esitatimendeni, kuntshontshwe izinkomo zami ezine kanti enye yazo ibimithi. “Enye yezinkomo zami ishiye inkonyane enenyanga eyodwa vo,” esho, eqhuba ethi, ngibuhlungu ngalesi sihlava samasela ezinkomo. Uthe esitatimendeni, lesi sihlava sokwebiwa kwemfuyo sishiya abafuyi bekhathazekile njengoba basebenza kanzima bethenga lezi zinkomo, ezihlinzwa ngesihluku. “Asiqedile amasela emfuyweni njengoba kukhalwa ngapha nangapha,” kulanda uMotloung esitatimendeni.
Ulande wathi esitatimendeni, mina angibanga nenhlanhla yokuthi ngiwabambe oqotsheni amasela lana emfuyo. Kuvelile ukuthi kwabake sebetshelwa izinkomo , enganonile bayayishiya, bathathe ezinonile zodwa, njengoba basuke behlose ukuyozihlaba badayise inyama. Omunye ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe ,uthe izinkomo zethu zidayiselwa lamabhusha asethe chithi saka kanti futhi anoshisanyama. Uphethe ngokuthi esitatimendeni, ecaleni lokwebiwa kwezinkomo zami, ngizithole sezihlinziwe , akukaboshwa muntu. Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko , asho athi akukaboshwa muntu kodwa uphenyo luyaqhub
Sourced from Izwi News
