CrimeIsiZulu

UMKHANKASO wamaphoyisa wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni  kanye nezinhlamvu, uthela izithelo.

Lokhu kufakazelwa ukuboshwa ko msolwa oneminyaka engu-30 otholakale nezibhamu ezine ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu endaweni i-Mahlaba,ngaphansi kwesiyingi saseNhlanhleni , ngoLwesibili mhlaka 16 Juni 2026.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela amaphoyisa kwisiFunda uMzinyathi uSergeant Siyabonga Nkwanyana sithi:” Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-30 emva kokuba etholakale nezibhamu ezine kanye nezinhlamvu konke okungekho emthethweni.”

Uthe esitatimendeni, amaphoyisa ophiko uMzinyathi District Crime Intelligence Unit, ehambisana ne-Newcastle Public Order Policing (POP), bebelandela umkhondo wokwebiwa kwemfuyo kusiFunda uMzinyathi, ngenkathi elunywa indlebe ngomsolwa onezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. ”Amaphoyisa abe eseya endaweni i-Mahlaba ,eNhlanhleni, lapho kuhlala khona umsolwa,” kusho uNkwanyana esitatimendeni, eqhuba ethi, ngenkathi amaphoyisa efika kulomuzi alayelwe wona, esesha athole owesifazane nezibhamu ezine  ezingekho emthethweni zohlobo lwama pistol kanye nezinhlamvu.

Uqhube wathi esitatimendeni, zibe sezithathwa lezi zibhamu, kwaboshwa umsolwa, kanti futhi lezi zibhamu zizohamba ziyohlonzwa ukuthi azikaze zimbandakanyeke ezenzweni zobugebengu. Uthe esitatimendeni, kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-30 , kanti kulindeleke ukuba avele eNkantolo kaMantshi waseMsinga maduzane eebhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Oyibamba likaKhomishana eMzinyathi (The Acting District Commissioner of Umzinyathi District)  uColonel Nhlakanipho Mpungose , uncome kakhulu umsebenzi wamaphoyisa ngokubopha lo msolwa kanye nokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekulwisaneni nezenzo zokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni. Uthe esitatimendeni, silwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni, njengoba ziyasetshenziswa emacaleni anodlame, awokubulala, awokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe kanye nokwebiwa kwemfuyo.

SOURCED FROM IZWI NEWS

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *