Uhulumeni Ubehola Imashi Yokuliwsana Nesihlava Sokuhlukunyezwa Kwabesifazane Nezingane,eNdumeni
Undunankulu esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ebambisane namaphoyisa esiFunda uMzinyathi ,ngaphansi kukaMasipala i-Ndumeni,eDundee, ehola imashi ezitaladini zaseDundee, bezolwisana nesihlava nokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane (Gender Based Violence and Femicide), phecelezi GBV, ngoLwesibili mhlaka 24 Mashi 2026, ngaphansi kwesiqubulo esithi:” Silwa Nechilo.”
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela amaphoyisa kwisiFunda uMzinyathi uSergeant Siyabonga Nkwanyana sithi:” uNdunankulu namaphoyisa bebephume ngobuningi babo beyolwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane , besho ngazwi linye bethi ‘Silwa Nechilo.’
Uthe esitatimendeni, uKhomishana wamaphoyisa kwisiFunda uMzinyathi uMajor-Gen Francis Slambert , nguyena obebhekelele ukuqhubeka kwale mashi futhi abephinde axhumanise, kanye nokuqinisekisa ukuthi zonke izinsiza zalemashi zikhona futhi iba yimpumelelo. “Kuqalwe ngokuyohlola izitolo zokudla enkabeni yedolobha (Central Business District) CBD,ukuthi ziyayilandela yonke imithetho kamasipala, ezempilo inhlanzeko nokunye okudingekayo uma unesitolo sokudla,” kusho uNkwanyana esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, kube sekuqhubeka uhlelo lwemashi ngenhloso yokuqwashisa abantu ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, kanti le mashi isukela emahhovisi kaMasipala i-Ndumeni, asesitaladini u-Victoria, eze yayophelela enkundleni yezemidlalo i-Dundee Secondary. Uqhube wathi esitatimendeni, imashi ibihanjelwe zinhlaka eziningi, izakhamizi, izikhulu zikahulumeni kanye nezinhlangano zomphakathi njengoba bekuphunywe umkhankaso, kushiwo ngazwi linye kuthiwa ‘Phansi ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane Phansi’.
Uthe esitatimendeni, zibuye zaqhubeka izingxoxo ezikhuluma ngaso lesi sihlava zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane eBattlefields Bed and Breakfast, lapho zonke izinhlaka zigqugquzele ukubambisana ekulwisaneni nalesihlava esifundeni uMzinyathi.
Sourced from Izwi News
