Iwadi Komiti uHlengiwe Ndlovu, uZodwa Madela (ejabulela umazisi), Ukhansela Richard Madi kanye nelinye iWadi Komiti uKhethiwe Mbatha.
IsiZuluSouth Africa

Injabulo Ugogo (64) Ethola Umazisi Okokuqala

UKUNGENELELA kosethathwa njengoMsamariya olungileyo oyiKhansela lase Wadi 8, uKhansela Richard Madi, eSpringbok, eNyakatho neKwaZulu-Natal, kulethe injabulo kugogo Zodwa Madela oneminyaka engu-64, ongakaze abe  nesitifiketi kanye nomazisi empilweni yakhe.

Emva kweminyaka engu-7 afaka isicelo sokuba nomazisi eMnyangweni wezaseKhaya (Home Affairs), akatholanga ukusizakala , njengoba aqala ukufaka isicelo  sokuba nomazisi esemdala ngonyaka u-2019, wagqigqa khona kwaze kwafika isikhathi sokuthi umnyango umtshele ukuthi akafake isicelo sokucela umazisi esemdala kanye nesesitifiketi njengoba kugunyazwe umthetho (late registration of birth).

Okwathi esesifakile wabizwa ukuzokwenza inhlolokhona (interviews) kodwa ngenxa yezinqinamba ezithize wangaphumelela, izikhawu eziningana njengoba babefuna uNxumalo owabe efike naye ezobhalisa okokuqala. UMnyango ngokubona ukuthi akaphumelelanga izikhawana futhi noNxumalo akatholakali wabe usumtshela ukuthi kumele enze ulibo fuzo (DNA), kwafumaniseka ukuthi akanayo imali yokwenza ulibo fuzo ,njengoba engasebenzi futhi engakaze abe nomazisi empilweni yakhe.

UKhansela Madi wanele wezwa usizi lwalo gogo wafaka isandla ephaketheni lakhe wakhokhela izindleko zolibo fuzo ezazimba eqolo kanye nezindleko zokugibela izithuthi zokuya khona (transport), yokuyokwenza ulibo fuzo. Akugcinanga lapho uKhansela Madi , ubemi naye uMadela kuze kwaba sekutheni uyamphelekezela nangosuku eseyolanda umazisi wakhe (uMadela),Wayekwenza lokhu ngokusebenzisana namaWadi komiti (Ward Committee members), uHlengiwe Ndlovu kanye noKhethiwe Mbatha.

UMadi uthe, ngatshelwa ngamaWadi komiti uNdlovu noMbatha ngosizi lukagogo ngabe sengibona ukuthi mangilekelele njengoba ngilubona usizi lukagogo. UZodwa Madela uthe, gashonelwa ngabazali ngisemncane, yingakho kwakungelula ukuba ngiyofaka isicelo sikamazisi. Uqhube wathi , ubaba uFana Madela washona 2003, kwathi umama uMamazana Madela yena washona 2005, lokhu okwenza kwaba lukhuni ukuba ngikwazi ukuyofaka isicelo sikamazisi.

UMadela uthe , ngibonga kakhulu kuKhansela uMadi ngokungelekelela ukuze ngikwazi ukuba nomazisi namuhla. INkosi imbusiso. “Ngase ngizitshela ukuthi ngizondlula emhlabeni ngingenawo umazisi,” esho, ekhihla izinyembezi zenjabulo.Uthe , kudala ngabe ngihola impesheni yokuguga kodwa dolo lo ngenxa kamazisi kodwa manje sengizoyihola ngenxa yosizo likaMadi. Uphethe ngokuthi, impilo ibimile njengoba uma ungenawo umazisi awukho umnyango ozokuvulela.

Sourced from Izwi News

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *