Ngungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta) uMfu Thulasizwe Buthelezi, uMnuz Ngidi, uMnuz Leong Son
BusinessSouth Africa

Kwethulwe Inkampani Yokuthenga Amabhodlela Asesebenzisiwe i-Mavavela Glass Recycling Facility, eThekwini

Ungungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi ebambisane nabe Heineken Beverages bethule inkampani ethenga osekusetshenzisiwe (buyback), okungamabhodlela i-Mavavela Glass Recycling Facility, edle izigidi zamarandi, eQueensmead Industrial Park,eThekwini, ngoLwesine, izolo mhlaka 13 Novemba 2025.

Kuvelile ukuthi lolu hlela lukhombisa uhambo olude okuhloswe ngalo ukubambisana phakathi komphakathi kanye nezinkampani ezizimele, okuhloswe ngakho ukugcinwa kwemvelo, ukuthuthukisa umnotho ezindaweni zasemakhaya kanye nokuvula amathuba omsebenzi.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango wakwaCogta uMnuz Senzo Mzila sithi:” Ethula inkulumo yakhe uButhelezi uthe, sibonga kakhulu ukubambisana phakathi kwe Heineken Beverages kanye neMavavela Projects ukuba bavule le nkampani ekwaziyo ukunciphisa ukulahlwa kwemfucuza ezindaweni ezingafanelekile emphakathini iphinde ivule amathuba omsebenzi kanye nokuthuthukisa umnotho.

“Thina njengohulumeni siyabona ukuthi likhulu izinga lokungaqasheki kwabantu ikakhulukazi intsha,” esho esitatimendeni, eqhuba ethi, igxathu elithathwe i-Mavavela  Glass Recycling Facility, likhulu kakhulu kanti lizolekelela kakhulu ekudalweni kwamathuba omsebenzi entsheni ,” kulanda yena esitatimendeni.

Uthe uButhelezi esitatimendeni, sifisa ukubona izinkampani ezithenga osekusetshenzisiwe ikakhulukazi amabhodlela zivuleka emadolobheni afana noPort Shepstone, Ladysmith, uLundi, uMgungundlovu kanye naseMpangeni, ukuze  kubuyiswe umnotho emphakathini obusushabalele kanye nokusimamisa izimpilo zabantu abantulayo nabaswele imisebenzi.

Uqhube wathi esitatimendeni, singuhulumeni wasekhaya siyazibophezela ekulekeleleni nasekubambisaneni nosomabhizinisi ngaphansi kohlelo lokuThuthukiswa koMnotho (Local Economic Development) phecelezi (LED) kanye ne Expanded Public Works Programme (EPWP) , okuwuhlelo olungaphansi kokuqoqwa nokugcinwa kwezindawo zihlanzekile emiphakathini (waste management and community-based enterprises).

UMnuz Eric Leong Son, oyi Head of Sustainability at HEINEKEN Beverages, uthe esitatimendeni , siyakubona ukuzimisela kwalenkampani ekuthuthukisweni komnotho kanye nokufukula osomabhizinisi abasafufusa..

Uthe esitatimendeni, sikhethe i-Mavavela Buyback Centre ngoba sibona ukuzinikela kwayo emsebenzini wayo, nekhono layo ebuholini kanye nokukhombisa kwayo ukuzimisela ngomsebenzi wokuqoqwa kwemfucuza emphakathini. “ Sibambisene sizokwazi ukuqoqa imfucuza siphinde sithenge kabusha osekusetshenzisiwe okungamabhodlela,” ephetha.

UMsunguli noMphathi we Mavavela BuyBack Centre uthe esitatimendeni, siyabonga kakhulu ukwesekwa kanye nokubambisana ne Heineken Beverages. Uthe esitatimendeni, le nkampani yaqanjwa ngegama likamkhulu wami ongasekho, okumanje le nkampani sisebenza kuyo kanye nabantwana bami.

“Okwamanje siqashe abantu abangu-20 kulenkampani,” kusho uNgidi. Uthe esitatimendeni, kumanje sikwazile ukuvala igebe silekelelwa i-Heineken,njengoba sincintisana nezinye izinkampani nazo ezithenga amabhodlela asesebenzile.

“ Ukungenelela komnyango uCogta kusisize kakhulu njengoba kuzophinde kudaleke amanye amathuba omsebenzi entsheni, siphinde silikhulise leli bhizinisi.,” kulanda yena. Uphethe ngokuthi esitatimendeni, inkampani yethu inezinsiza kusebenza ezisezingeni eliphezulu zokuphihliza amabhodlela zobuchwepheshe besimanje.

sourced from Izwi News

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *