Around SAIsiZululocalNEWS

Amaphoyisa athathe izimpahla zomgunyathi ezingabiza u-R2.5 wezigidi

UQALE phansi umkhankaso wamaphoyisa osebenza ngezimpahla zomgunyathi eGauteng, kulokhu kuthathwe izimpahla zomgunyathi ezingaphezu kuka-R2,5 wezigidi eGoli.

Izimpahla zokugqoka ezingekho emthethweni/zomgunyathi ezinophawu lwashanjwa enkabeni yedolobha laseGoli, eMayfair naseDubai Mall.

Imizamo yabadayisi yokufihla lezi zimpahla ezindlini ezingaphansi nasezimotweni ibhuntshile njengoba ithimba lamaphoyisa, elihlome ngencwadi egunyaza ubunhloli, lizilanda kulawo makhona amnyama.

Zonke izinhlobo zezinto ezinophawu, okuhlanganisa namajezi amaBhokobhoko, zishaqwe yileli thimba elixube izigwegwe.

“Abadayisi bezimpahla zomgunyathi babhekene nesikhathi esinzima kakhulu njengoba sizobe sibhekene necala labo baze bafunde ukuphila neqiniso lokuthi umkokotelo awukho emthethweni futhi akwamukelekile futhi uphuca iZwe izizumbulu zemali engenayo.” kusho uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, u-Elias Mawela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *