Lube Yimpumelelo Uqeqesho Lohlaka Lwezakhamizi Olusebenzisana NamaphoyisaeNquthu
Ngabebevela Eziteshini Ezahlukene Ebebeqeqeshwa.
Ngenhloso yokulwisana nobugebengu ngaphansi kwesiFunda uMzinyathi, kube noqeqesho olube yimpumelelo lapho bekuqeqeshwa khona uhlaka olusebenzisana namaphoyisa olaziwa ngokuthi i-Community in Blue ezilandelayo i-Dundee, i-Helpmekaar, i-Nondweni, i-Glencoe kanye nawaseNquthu ngoLwesithathu ,obelubanjelwe eholweni lo mphakathi eNdindini Hall,eNquthu.
Kuvelile ukuthi obeqhuba loluqeqesho nguCapt Dlomo osebenza esiteshini samaphoyisa saseNquthu , oyibamba likaKhomanda kwiNquthu Visible Policing (Acting Nquthi VISPOL).
Okhulumela amaphoyisa esiFundeni uMzinyathi uSergeant Siyabonga Nkwanyana uthe esitaimendeni, bekunoqeqesho obelubanjelwe eNdindini Hall eNquthu, obekuhloswe ngalo ukugqugquzela ukulwisana nobugebengu ngaphansi kwesiFunda uMzinyathi.
Uqhube wathi esitatimendeni, lolu qeqesho bekufundwa kulo kuphinde kwenziwe (practical and theoretical), uqeqesho nkokwenza noma ngokulingisa.
“Lolu qeqesho beluhanjelwe iloluhlaka olusebenizasana namaphoyisa olubalelwa kwabangu-130 (130 Community in Blue patrollers attendended the session),” kusho uNkwanyana esitatimendeni, eqhuba ethi, lolu hlelo bekuhloswe ngalo ukulekelela loluhlaka obeluvela kuleziteshi ukuba lulwisane nobugebenu lapho behlala khona.
Uqhube wathi esitatimendeni, onke lamalunga omphakathi abeyingxenye yaloluqeqesho, athole ukucotshelelwa ngolwazi ngokukhuluma kanye nokwenza kanye nokulingisa (theory and practicals).
Kuphinde kwavela ukuthi lolu qeqesho belubuye lubafundise ngokukhuluma no ova (radio communications), amasu okufaka imigulukudu ozankosi (handcuffing), kanye nokusetshenziswa kwesisi esikhalisa unyembezi (pepper spray),
Uthe esitatimendeni, onke lamalunga omphakathi abezicijelwa ukuthi akulungele ukusebenza, indlela yokuziphatha (discipline), indlela yokuhamba ngokuzulazula ukuze kuncishiswe ubugebengu (patrolling streets) kanye nokuqinisekisa ukuthi umsebenzi wabo bawuqhuba ngokulandela umthetho.
“Kuloluqeqesho bekukhona izinhlaka ezahlukene ezilwisana nobugebenu okubalwa kuzo ama-District Social Crime Coordinator, Station coordinators, bazo zonke lezi ziteshi ebezibambe igqaza kanye namaDistrict CPF EXCO , bonke bebekhona,” esho esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni lolu hlelo beluxhaswe ngabe Sanlam njengoba bebexhase ngamanzi ukuze lolu hlelo luqhubeke ngendlela.
Uthe esitatimendeni, lokucobelelana ngolwazi bekuhloswe ngako ukundlulisa ulwazi kanye nokuzethemba kulamalunga omphakathi uma eqhuba umsebenzi wawo wokulwisana nobugebengu kanye nokusebenzisana nezakhamizi ukuze kulwisanwe nobugebengu, njengoba izigebengu zihlala emphakathini futhi zaziwa yiwo umphakathi..
Sourced from Izwi News
