Injabulo uMeya ethula uhlelo lwamanzi eMvoti
Yizakhamizi ebezithamele umhlangano wohlelo lokufakelwa kwamanzi. Kwesinye nguMeya Thembisile Mchunu bese kuba ngoyibamba likaMenenja uMnuz Mlungisi Ntanzi.
Kuqhume umkikizo ehholo laseGreytown eMvoti ngesikhathi uMeya wesiFunda uMzinyathi uKhansela Thembisile Mchunu ethula uhlelo lokufakwa kwama-boreholes iwadi newadi eMvoti, ngoLwesine (izolo).
Ukugujwa nokufakwa kwalaba mpomi (boreholes), kuza ngemuva kwesinqumo sesixazululo samanzi esisheshayo esathathwa kwinkomfa yamanzi eyayibanjwe umasipala uMzinyathi ngonyaka odlule (2025).
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMzinyathi uThandeka Ngobese sithi: uMacingwane uthi ngalolu hlelo kakukho lapho bengeke bafike khona, ngoba kuvamisile ukuthi intuthuko ibe mandla kakhulu kulezo zindawo eziseduze nomgwaqo bese laba abakude nomgwaqo basalele emuva.”
“Usonkontileka njengoba sizomethula ngiyanxusa ningamphazamisi ukuze la manzi nisheshe niwaphuze,” kusho uMchunu esitatimendeni.
UMnuz Mqapheli Phungula oyilunga lo mphakathi uthe esitatimendeni, bakujabulele ukwethulwa kwalolu hlelo njengoba bese befile indlala yamanzi.
” Sibonga kakhulu ukuthi uMzinyathi ukusikhumbuala ,” kusho uPhungula esitatimendeni.


SOURCED FROM IZWI NEWS
