Uhulumeni uthi Luqale Ngaphandle Kwezihibe Uhlelo Lokuphakelwa Kwabafundi,eKZN
UNGQONGQOSHE weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka uthi uhlelo lokuphakelwa kwabafundi (School Nutrition Programme),esifundazweni luqale ngaphandle kwezihibe njengoba kuqalwa isigaba sesibili sonyaka sokufunda(term 2) njengoba bekuvulwa izikole ngoLwesithathu (namuhla), mhlaka 8 ePhreli 2026.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango uMnuz Muzi Mahlambi sithi:”uHlomuka wemukele abafundi, amathishela kanye nabalekelelayo ezikolweni (support staff), njengoba bekuvulwa izikole namuhlanje.” Uthe esitatimendeni, uHlomuka uthe njengoba abantwana bebuyela emakilasini , ugqugquzela ukuthi abafundi kanye namathishela bazibophezele osikweni lokufunda nokufundisa.
Uqhube wathi esitatimendeni, siyajabula kakhulu njengoba uhlelo lokuphakelwa kwabafundi luqale ngaphandle kwezihibe futhi kuzokhumbuleka ukuthi lolu hlelo ludlala indima enkulu ekutheni abafundi benze kahle ezifundweni zabo (academic performance). “Ekuqaleni kwethemu ephelile saqinisekisa ukuthi abafundi bayakuthola ukudla , njengoba sasihlose ukwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi akekho umfundi ozofunda elambile noma engakutholanga okuya ngasethunjini,” kusho uMahlambi esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, lokhu kungukuzuza okukhulu futhi kuyaqinisekisa ukuthi isithunzi somfundi siyahlonishwa, ezempilo ukuze kutholakale imiphumela emihle kubafundi. “ Sithanda ukuphinde sibonge , siphinde samukele laba abasha abazohlinzeka ngokudla noma abaqokelwe ekuphakeleni abafundi (newly appointed service providers), njengoba kulindeleke ukuba babambe iqhaza elikhulu ekuphakelweni kwabafundi,” kusho yena esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, kumele bakuqinisekise ukuthi baphakela abafundi ukudla okunempilo , okuphephile, okuseqophelweni eliphezulu ukuze bezokwazi nokufunda kahle, baphase ngamalengiso. “Sizibophezele ekusebenzisaneni nani nina enifikayo ekuphakelweni kwabafundi kulandelwa imigomo yokuphakelwa kwabafundi kuzwelonke (national guidelines and a shared commitment to service excellence), kusho uMahlambi esitatimendeni. Uphethe ngokunxusa esitatimendeni, bonke abangene kulolu hlelo ukuba basebenze ngokwethembeka, futhi bawenze umsebenzi wabo ngokuzibophezela.
