Ube Yimpumelelo Umhlangano Wokwethula Isabelo Mali Esihlongozwayo Sika-2026/27/eDannhauser
SIBE nezinselelo eziningi zingumkhandlu aMajuba kodwa sikwazile ukubhekana nazo. La mazwi ashiwo ngoyibamba likaMeya kuMasipala wesiFunda aMajuba uKhansela Thembelihle Mthembu, ngenkathi bekunomhlangano phakathi kwezakhamizi ,umasipala, osomabhizinisi kanye nezinye izinhlaka ezikhona okubalwa kuzo abaholi bendabuko ebekuhloswe ngawo ukuzokuzwa izimvo nemibona yezakhamizi mayelana nokumele kungezwe uma kwenziwa isabelo mali kanye nentuthuko edidiyelwe ehlongozwayo yonyaka u-2026/2027, obubanjelwe ehholweni lo mphakathi i-Dorothy Nyembe Community Hall,eMafahlawane,eDannhauser , eNyakatho neKwaZulu-Natal ngoLwesibili (namuhla), mhlaka 26 Meyi 2026. “Namhlanje njengoba sihlangene kuleli hholo sizizwa sinentobeko enkulu ukuthi sizothula kunina izinhlelo zentuthuko edidiyelwe kanye nesabelo-mali sonyaka wezimali ka-2026-2027,” kusho uMthembu.
Uqhube wathi kulesi sigaba esisiphethayo seminyaka emihlanu njengoHulumeni basekhaya sibe nezinselelo eziningi kodwa zikwazile ukubhekana nazo ngqo, ezinye zazo saziphendula zaba amathuba kanye nempumelelo. “Enye yezinselelo esibhekene nayo inqalasizinda esindala lokhu okudala ukuba sibhekane nezinselelo zokungahambisi amanzi ngendlela kwizakhamizi,”kusho yena, eqhuba ethi, sibeke eceleni imali engu-R5million, yokuthenga amaloli amanzi (water tankers), ukuze sibuyise isithunzi somuntu futhi siqinisekise ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile.
“Umsebenzi wokulwisana nezinkinga zamanzi ikakhulukazi ukuvuselela ingqalasizinda esigugile nelimele kudinga isikhathi esithe xaxa,” kusho uMthembu, eqhuba ethi, yingakho ezinye zezi nhlelo zethu esizokhuluma ngazo zisephakathi nendawo, okungasho ukuthi ezinye zazo ziyophethwa sekungene ubuholi obusha njengoba ukhetho selumenyezelwe. Uthe , kodwa ke siyaziqhenya ngokuthi indima siyisikile okusho ukuthi abalandelayo nesithemba ukuthi kuzoba abantu esibaziyo abaphekwe la esiphekwe khona bazofika sebeqedela.
Uqhube wathi , sinohlelo lokuxhasa iziphaza ezindaweni zasemakhaya njengoba iningi lazo selaphathwa ngabantu bokufika. “Lokhu sikwenza njengoba sihlose ngakho ukudala amathuba omsebenzi siphinde sifukule umnotho wasemakhaya,” kulanda uMthembu. Uthe , sibhekene nesihlava kanye nokudlanga kobugebengu, ukusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nokwebiwa kwemfuyo.
Uqhube wathi , endaweni yase Jersey , eDorset nase Clones , sinohlelo lokufaka amaphampu azolekelela ekulethweni kwamanzi (booster pump stations), kanti futhi esikubeke eqhulwini ukushintsha inqalasizinda endala kabhesta (asbestos infrastructure), njengoba kumanje bekusasebenza amapayipi babhesta. “Ngimi phambi kwenu nje kunohlelo esiluqalile lokuxhasa
osomabhizinisi abanezitolo ezincane, ama-tuckshop. “Lokhu sikwenza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu bakithi bayakwazi ukuncintisana nabanye bezizwe ukuze kungagcini izitolo ezincane emakhaya ziphethwe abantu bokuhamba. Siyeza nakweminye imikhakha yezebhizinisi. Asimile. Lena yimpi ke esidinga sonke. Yingakho namanje sihlaba ikhwela
ukuthi amalunga omphakathi awasukume afake isandla, kungaba ukuba yingxenye yamakomiti alwisana nalezi zinkinga kumbe ukuba yingxenye yezinhlelo zomkhandlu. “ Imidlalo yama-SALGA KZNDSAC ingeminye yemizamo esiziqhenya ngayo. Le midlalo inikeza abantu abasha baseMajuba ithuba lokuzibonakalisa emaqenjini akhokhelayo. Sizwile nje ukuthi enye yezingane ebihambe ne-Team yethu ngoDisemba wonyaka odlule isithathwe yiqembu lebhola la mantombazane lase-Tsthwane University of Technology (TUT),” kusho yena. Uthe, inhloso yethu yokufaka isandla ukuthuthukisa ezemidlalo. “Akusona ke isikhathi sokuthi sininxuse ukuba niphinde nisinike elinye ithuba lesi. Uma leso sikhathi sesifikile siyosukuma sinitshengise imisebenzi yethu nezinhlelo zethu sinenze nikholwe ukuthi ithuba elinye siyalidinga ukuqhubekisa imisebenzi emihle ebenisithume yona,” kuqhuba uMthembu.
Uthe, sibeke eceleni imali engu-R800 000, yezomlilo kanye nezokutakula ( Fire Services and Rescue, u-R100 000, wokwenza amabhande avimbela ukuthi umlilo ungabhebhetheki, (Firebreaks), R300 000 , wokuqwashisa ngezinhlekelele (disaster awareness), R500 000 , wokuqeqesha amavolontiya ( training of 21 volunteers), imali engu-R4.5 million yokuthuthukisa ezemidlalo nentsha (sports development, SALGA Games, Mayoral Cup), imali engu-R100 000 yokulekelela amatshitshi uma eya eMkhasoni woMhlanga, uR200 000, wezaguga (Senior Citizens), kanye no-R200 000 wokuxhasa imidlalo yabaphila nokukhubazeka (Disability Games). Uthe, sixhase intsha engu-80 ngemifundazwe (scholarships), ngonyaka ophelile ukuze yenze amadiploma, noma amagquzu (Diplomas).
Uphethe ngokuthi savakashela izitolo eDannhauser sihlola ukuthi zidayisa ukudla okuhlanzekile nokuvumelekile yini , kwathi ezinye zezitolo zasivala ngokungalandeli imithetho yezempilo. Kube sekunikezelwa ngezinsiza kusebenza kosomabhizinisi abasafufusa okubalwa kuzo imishini yokulungisa amasondo ezimoto, amabhara, imishini yokugunda utshani , ucingo lokubiyela nokunye.

