South Africa

Injabulo Kwizakhamizi uMeya Ethula Uhlelo Lwamanzi

Kubuye ithemba kwabaningi namhlanje endaweni yaseThelezini, ku-ward 16, eNquthu, ngesikhathi uMeya kuMasipala wesiFunda, uMzinyathi uKhansela Thembisile Mchunu ethula amaphrojekthi amabili okusabalaliswa kwamanzi kubantu abakhele le ndawo.

Lapha uKhansela uMchunu wethule uhlelo luka-R30.4 million oluzohlinzeka imizi engaphezulu kuka-2000 ngamanzi, kuphinde kube nolunye luka-R16 Million nalo oluzofakela amanzi imindeni engaphezulu kuka-1200. Uhlelo luka-R30.4 million olubizwa ngo-Phase 2A, luzofakela amanzi izakhamizi zaseHoqo, Nhlangula, Lutheran naseSiyamthanda  kuthi u-Phase 2B lona ka-R16 million wona ufakele umphakathi waseNdinginduku nasePhaphamani.

Ethula inkulumo yakhe uuMeya uMchunu uthe, osonkontileka abaphinde bethulwa nasemphakathini obuhambele umcimbi wokuhlatshwa kwesoyi,  egcizelela ukuthi bazoqala  umsebenzi ngoMsombuluko (kusasa). “Isikhathi esivumelene ngaso nosonkontileka yizinyanga eziyisithupha okusho ukuthi ngoJanuary amanzi azobe esephuma kulezi zindawo,” kusho yena.

Amalunga omphakathi abonge uMeya uMchunu ngokugcina kwakhe isethembiso ayesenze kulemiphakathi ukuthi noma kanjani uzobuya azokwethula izinhlelo ezintsha zamanzi. Lo mcimbi bewuhanjelwa ngaMakhosi, iMeya yaseNquthu uKhansela Shabalala nobuholi bamasipala iNquthu  noMzinyathi ,bonke ubuholi bukhona nezikhulu zakhona ziholwa nguMnuz Mlungisi Ntanzi, ongumenenja kulo masipala.

Inkosi Mazibuko ongiSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu , esiFundeni uMzinyathi, nophinde ahlale emkhandlwini waseMzinyathi, uyale izakhamizi ngokubaluleka kokunakekela ingqalasizinda.IMeya Shabalala waseNquthu uthe , uhlelo lwamanzi  luzokwenza umehluko ezimpilweni zabaningi kanjalo namathuba emsebenzi azovuleleka kulezi zinyanga.

“Siyabonga Meya Mchunu ngokuzofeza isethembiso owasenza, siyayibona imisebenzi yakho iyabonakala , siyabonga,” kusho uMeya uShabalala

SOURCED FROM IZWE NEWS

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *